Usenyakanyakeni udokotela osolwa ngelokudlwengula

2018-02-20 18:00

eGoli - UMnyango wezeMpilo eGauteng umise ukusebenza kukadokotela osolwe yisiguli ngokusidlwengula esibhedlela iDr Yusuf Dadoo Hospital, eKrugersdorp, eWest Rand.

UNgqongqoshe wezeMpilo kulesi sifundazwe uGwen Ramokgopa uthe isiguli sibike ukuthi sadlwengulwa ngoMsombuluko, kubika iThe Star.

"Umnyango uluthathela phezulu lolu daba futhi sesinqume ukumumisa emsebenzini lo dokotela okunguyena osolwa ngokwenza lokhu. Lokhu bekungafanele ukuthi kwenzeke njengoba odokotela baqeqeshelwe ukuba banakekele iziguli zethu, hhayi ukuthi bazihlukumeze," kusho yena.

OLUNYE UDABA: Isililo kushona udokotela nonesi eThekwini

Kuthiwa lolu daba selubikelwe nomkhandlu wabasebenzi bezempilo kuleli mayelana nokungaziphathi ngendlela kwalo dokotela.

UMnyango uthi lesi siguli sithole usizo ngemuva kokubika ngalolu daba.

Lesi siguli sidluliselwe esibhedlela iLeratong lapho sithola khona ukwelulekwa ngokwengqondo futhi kuzothathwa khona nobufakazi baleli cala elenzekile.

"Ngemuva kokuba kubikwe ngalesi sehlakalo, abaphathi besibhedlela basize lesi siguli futhi babikela namaphoyisa lapho isiguli sivule khona icala lokunukubezwa ngokocansi," kusho lo mnyango.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.