USenzo Mchunu ubalule 'izindlela zokuvota eziwumkhoshosho' emagatsheni e-ANC

2017-09-20 18:01

Durban – Lowo owayenguNdunakulu KwaZulu-Natal uSenzo Mchunu ubalule izindlela eziningi zomkhoshosho ezisetshenziswa uma kuvotwa emagatsheni e-ANC.

UMchunu ubekhuluma ngoLwesithathu kwikhomishana kaMoerane ephenya ngokubulawa kosopolitiki kulesi sifundazwe kusukela ngo-2011. Ngokusho kukaMchunu, ziningi izindlela ezisetshenziswayo ukukhwabanisa ivoti kulabo abasuke befuna izikhundla zobukhansela eqenjini elibusayo.

Uthe indlela ehamba phambili esetshenziswayo ukuthi kudukiswe abantu.

"Kwesinye isikhathi utshela umuntu ukuthi umhlangano uqala ekuseni, ube wazi kahle ukuthi umhlangano usebusuku."

Uthe nokushintshwa kwezindawo okuzobanjelwa kuzo umhlangano ngemizuzu yokugcina ngelinye lamaqhinga aziwayo.

UMchunu unanele ngokuthi osihlalo abaningi emihlanganweni yamagatsha basebenzisa amandla abanawo ekutheni ukhetho luhamba ngendlela yabo ngokuthi bakhwabanise izibalo, bese kuthi uma sekuhlanganiswa uhlu lwamakhansela kuhambe okungelona.

Uqhube wathi emihlanganweni eminingi kuba khona izigora ezisuke zitshaliwe.

"Abanye bafonela amaphoyisa bathi kunabantu okumele baxoshwe emhlanganweni. Kucika kakhulu ekutheni wazana kangakanani namaphoyisa, bese labo bantu beyakhishwa kulowo mhlangano noma basatshiswe."

Okhulumela i-ANC esifundazweni uMdumiseni Ntuli akatholakalanga ukuba aphawule.

Buka uMchunu etheleka kule khomishana:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.