Usephenduke umgodi onganukwanja umculi wokholo

2017-03-19 13:29

Durban - Usephenduke umgodi onganukwanja umculi wowokholo osolwa ngokungaziphathi kahle nokungalawuleki uma esebenza nabanye. 

USechaba Padi oke waba sematheni ngenkulumo ayethule ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo kaLundi Tyamara eGrace Bible Church, ePimville, eSoweto, lapho egxeke khona izikhulu zezinkampani zokuqopha umculo, kuthiwa uchithwa yizinkampani zomculo. 

Ngokuthola kweLANGA LangeSonto, lo mculi ayikho inkampani asayine ngaphansi kwayo kanti nalezo afaka kuzona izicelo kuthiwa ziyamchitha zikhala ngokungaziphathi kahle kwakhe.

Umthombo waleli phephandaba osondelene nezindaba zalo mculi uthi uyayifuna inkampani azoqopha ngaphansi kwayo kodwa ayikho esazimisele ngokumsayinisa. 

"Iningi lezinkampani likhala ngokuthi kunzima ukusebenza naye ngoba akalawuleki futhi ubuye ahluleke nokugcina izikhathi zomsebenzi. Unayo inkampani yakhe kodwa uyayidinga inkampani enesipiliyoni azosebenza ngokubambisana nayo ukuze izinto zakhe zihleleke," kusho umthombo.

OLUNYE UDABA: Uphelele endaweni yengozi 'uSdumo'

Lo mthombo uthi enye yezinkampani aseke wazama kuyona inhlanhla ngekaSipho Makhabane iBig Fish Music.

Ebuzwa yiLANGA LangeSonto uMakhabane ukuphikile ukuthi umchithile lo mculi.

"USechaba ngisebenzile naye esengaphansi kweBula kodwa okwamanje ngisematasa nabanye abaculi abasakhula. Abantu bayazi ukuthi ngisebenza kakhulu ukukhulisa abaculi abasafufusa ngakho ngigxile lapho," kusho uMakhabane, engeza ngokuthi akathandi ukuphawula kakhulu ngodaba oluthinta uSechaba.

Wenqabile ukuphawula uSichaba, wathi akazimisele ngokukhuluma nabezindaba.

"Kumele uze usho izinto ezinohlevane ukuze abezindaba bakulandele. Uma uziculela ungasho lutho abakulandeli ngoba abanandaba nomculo kodwa babheke ezindabeni ezifunwa yibona," esho ekugcizelela ukuthi akazimisele ukuphawula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.