Usephenduke undingasithebeni umculi wakuleli

2017-08-06 18:37

Durban -Umculi u-Ishmael Morabe angazithola eselala ngaphansi kwamabhuloho.

Lokhu kulandela ukuxoshwa kwakhe efulethini abeshala kulo eFourways kuleli sonto.

Lo mculi oneminyaka engu-47 ubudala ubeneminyaka emibili ehlala kuleli fulethi ekhokha uR5000 ngenyanga.

Kodwa besekunzima kuyena kulezi zinyanga ezintathu ezedlule ukukhokha le mali.

Umthombo we-Sunday Sun uthi lo mculi uyahluleka ngisho ukuzondla kanti ayikho nemicimbi abhukhwa kuyona

OLUNYE UDABA:Abakukholwa okubehlele abaculi bakamaskandi

“Egcina ukukhokha, wakhipha uR1500 ngo-Ephreli futhi akaphindanga wakhokha.

“Uhlezi enza izethembiso bese avala ucingo lwakhe uma sekuyisikhathi sokukhokha,” kusho lo mthombo.

Omunye umthombo uthi lo mculi umukweleta imali engango-R15000 amnikeza yona ngoJuni.

“Wafika kimi ngesonto eledlule engitshela ngezinkinga zakhe zasendlini, kodwa sengikhathele ukumnika imali yami,” kusho lo mthombo.

Leli phepha lizamile ukuxhumana nalo mculi kodwa akatholakalanga ukuphawula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.