Usephinde waboshwa oweqa esitokisini eLimpopo

2017-11-16 12:30

eLimpopo - Owesilisa osolwa ngokubulala uDkt Werner Emslie usephinde waboshwa ngemuva kokweqa ejele.

Amaphoyisa athi uPetrus Moyo, 27, oweqa esitokisini esiteshini samaphoyisa eLephalale ngoMsombuluko ebusuku, ubanjwe ngoLwesithathu ngesikhathi amaphoyisa ephume umkhankaso wokuqeda ubugebengu eLephalale.

U-Emslie, 55, kanye nomndeni wakhe bahlaselwa epulazini labo eliseGoedehoop ngaphandle kwaseLephalale ebusuku bangomhlaka-20 Septhemba 2017.

Ngesikhathi kuhlaselwa lo mndeni uMoyo weba izibhamu ezimbili kanye neveni lalo mndeni.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa ngokuhlasela i-EX nosana

Lo msolwa wabanjwa ngomhlaka-18 Okthoba eFrankfort, eFree State.

NgoMsombuluko ekuseni, wavela eNkantolo yeMantshi yaseLephalale ngamacala okubulala, ukugqekeza, ukweba, kanye nokuba kuleli ngokungemthetho.

Amacala akhe ahlehliselwe uLwesine, mhlazingu-14 kuDisemba.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe uMoyo udabuka kwelaseZimbabwe futhi usazobekwa elinye icala lokweqa esitokisini.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.