Usephumile esibhedlela osinde kwabadle amagwinya anobuthi

2017-09-01 07:01

Cape Town – Abafana abathathu bashonile ngemuva kokudla amagwinya okusolakala ukuthi anoshevu.

Lokhu kuvezwe ngamaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesine.

Laba bafana abashonile baseminyakeni ephakathi kuka-16 no-17 kanti bahlala elokishini iJoe Slovo, kwaLanga.

OLUNYE UDABA:Umufi ubengasakudli ukudla komkakhe esaba ukuthi uzomdlisa ushevu

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana uthi umfana wesine usesibhedlela.

Kuvulwe idokodo ngokushona kwalaba bafana abathathu kanye necala lokuzama ukubulala ngalo mfana osesibhedlela.

Abashonile kulesi sigameko sangeSonto ngo-Athule Makonzi, 15, Khanyisa Mtamzeli, 17, noMzingisi Gobecimele, 17, ngemuva kokudla amagwinya ngoMgqibelo ebusuku.

U-Athabile Simayile, 17, yena udedeliwe esibhedlela ngoLwesithathu.

Utshele iphephandaba iCape Times ngoLwesithathu ukuthi wazizwa enesiyezi ngemuva kokudla igwinya elinopholoni. Uthi wabe esegoduka wafika ekhaya wabuyisa wabe eseyaquleka.

Uthi ukuphaphama kwakhe uvuke esesibhedlela ngeSonto.

URwexana uphinde waveza ukuthi kunezinsolo ezithi la bafana bafake okuthile kula magwinya ngaphambi kokuwadla.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.