Useqale elokudayisa izikhwama owayelingisa kuZalo

2016-07-21 11:31

Durban - Useziqalele ibhizinisi owayengumlingisi emdlalweni oyintandokazi kuSABC1 uZalo, owashiya ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe, kubika iSOLEZWE.

Iphephndaba libika ukuthi uBongani Dlamini, owayedume ngelikaMkhonto kulo mdlalo wodumo, useziqalele ibhizinisi lokudayisa izikhwama.

Kuthiwa izikhwama zakhe uzibiza ngeGoodiebagSA, kanti kuzona kukhona obhakha nezokuphatha izimpahla ezinkulu.

Funda nalolu daba: Usomahlaya uhlekisa ngokushona kukaGugu Zulu

Utshele iphephandaba iSolwezwe ukuthi umqondo webhizinisi lezikhwama wamfikela eminyakeni emibili eyedlule, ngesikhathi evakashele ezweni laseTopiya kodwa akakwazanga ukuliqala ngaleso sikhathi ngenxa yokubamatasa kakhulu.

Uthi kuleliya lizwe izikhumba zigcwele kanti uzilanda khona bese ezenzela izikhwama.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.