Usesayiniswe yiMaritzburg ochithwe yiChiefs

2017-08-03 12:30

Johannesburg - USiyanda Xulu akachithanga sikhathi ekutholeni iqembu elisha ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs, njengoba esesayiniswe yiMaritzburg United.

Ubudlelwane bukaXulu neChiefs besekunesikhathi eside kubukeka buzophela ngemuva kokuba le kilabhu ngoJuni ithe isimdedelile, kodwa ngaleso sikhathi kwakungakavunyelwana ngokudatshulwa kwekwenkontileka.

Ngemuva kwemihlangano phakathi komdlali neqembu, kuqinisekisiwe ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala usekhululekile ukuba angaxoxisana nanoma yiliphi iqembu elimfunayo.

OLUNYE UDABA: Kungase kuphele isonto isinomgadli omusha iChiefs 

Lo mdlali ujoyine le kilabhu yaseKZN ngemizamo yokuvuselela ibhola lakhe, kwazise ubengasalitholi ijezi eNaturena.

Phambilini kubikwe ukuthi amaqembu afana neCape Town City, Ajax Cape Town neSuperSport United amgaqele lo mdlali, namanye aphesheya kwezilwandle.

UXulu usayine inkontileka yeminyaka emithathu neMaritzburg kanti uye waziqinisekisa lezi zindaba kuTwitter.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.