Useshonile umama wenzingane otakulwe ebhilidini elibhidlikile

2017-06-14 18:00

Nairobi – Umama wezingane ezimbili otakulwe ebhilidini elinezitezi eziyisikhombisa eliwile eNairobi, eKenya, useshonile esibhedlela, iziphathimandla zisho kanjalo ngoLwesithathu, njengoba kunokwesaba ngokuthi kunabanye abantu abaningi abasavaleleke ngaphansi.

Indodakazi yalo mama kanye nendodana basesimweni esizinzile ngemuva kokudonswa ngaphansi kwezicucu zaleli bhilidi eliwile endaweni ehlala abantu abahlwempu ngasesikhumelweni sezindiza saseNairobi, eningizimu nempumalanga enhlokodolobha yaseKenya.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ubumayemaye ibhilidi lisha ubuhanguhangu kunabantu phakathi

“Ngeshwa, owesifazane oyedwa okhulile, okukholakala ukuthi ungumama wezingane ezitakuliwe, ubulawe ukulimala ngesikhathi elashwa esibhedlela,” kusho okhulumela iNational Disaster Management Unit, uPius Masai, nokunguyena osingethe uhlelo lokusingatha kanye nokutakula ngemuva kwenhlekelele yangoMsombuluko ebusuku.

Lokhu kusho ukuthi isibalo sabashonile sesifinyelele kwababili ngemuva kokutholakala kwesidumbu somfana eseshonile ngaphansi kwemfucuza ngoLwesibili ebusuku.

Lesi sigameko sesenze kwaqala phansi ukugxekwa kokwakhiwa kwamabhilidi kuleli dolobha elihlala abantu abangaphezulu kwezigidi ezintathu.

Amaphoyisa kanye nezakhamizi zakule ndawo zithi iziphathimandla zibizwe ngoMsombuluko ngemuva kokuqhekeka kwaleli bhilidi, nokwenze kwakhishwa abantu ngokushesha ngaphambi kokuba liwe ngemuva kwamahora amabili.

Izikhulu zithi zitakule iningi labahlali, kodwa okungenani babili abantu okusatshelwa ukuthi bayashoda, ngokweRed Cross.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.