Usesibhedlela 'umgqekezi' oshayiswe yimoto ezama ukubaleka

2017-08-15 18:06

Durban - Ishayiswe yimoto yalimala indoda ebibaleka ngemuva kokuba yona nebihamba nayo bephazamisekile ngesikhathi bezama ukugqekeza ku-R102 ngase-Ottwa, eVerulam.

Amalungu e-Reaction Unit South Africa, abizelwe endaweni yesigameko ngabashayeli bebazisa ngendoda edindilize phansi emgwaqeni.

OLUNYE UDABA:BUKA: I-video eshaqisayo yesigameko sokuzama ukuduna

Le ndoda kutholakale ukuthi ilimele, yaxilonga khona endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela isesimeni esibucayi.

Ngokuthola kwe-KZN Eyethu kuvele ukuthi le ndoda kanye nenye bebezama ukugqekeza emzini othile.

Kuthiwa kuthe kusenjalo bethuka babaleka, kwathi uma bewela umgwaqo kwaqhamuka iveni yohlobo lweChevrolet Utility, yashayisa le ndoda yandiza emoyeni yayohlala ngaphesheya komgwaqo.

Le enye indoda yona isagcwele amathafa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.