Usesibhedlela umshayeli wesitimela ogwazwe ehlenga abagibeli

2017-10-04 08:17

Durban – Umshayeli wesitimela sakwaMetrorail ube yiqhawe ngemuva kokugwazwa ngesikhathi ehlenga abagibeli abane besifazane abebebanjwa inkunzi ngoLwesibili ekuseni.

UFrancois Gouws, 54, ugwazwe amanxeba amabili esandleni sakhe sakwesokunxele, egwazwa yizigebengu ezingene esitimeleni phakathi kwesiteshi sesitimela saseThekwini nesaseBerea, KwaZulu-Natal.

Ngesikhathi uGouws ebona izigebengu ezigibele ngesikhathi isitimela sime erobhothini zihlasela abagibeli' ugijime wayosiza.

UGouws, osesibhedlela saseThekwini, utshele omele inyunyana yakhe i-United National Transport Union (UNTU) ukuthi usezinhlungwini.

OLUNYE UDABA: IMetrorail iphenya esokugwazwa komgibeli esitimeleni

"Ngihlukumezekile. Siyazi ukuthi kuyingozi futhi izigameko ezifana nalesi ziyenzeka, kodwa akukho ongazilungiselela ngakho uma sekufikile," kusho uGouws etshela owenyunyana.

USonja Carstens we-UNTU utshele abeNews24 ukuthi izigameko ezifana nalezi zingagwemeka uma kungase kwandiswe ezokuphepha. Uthe izigebengu zijwayele ukungena ezitimeleni ngenhloso yokubamba abagibeli inkunzi.

UCarstens uthe abakwaMetrorail banezinhloso zokwakha udonga lwemali engu-R68m, kodwa lokho angeke kubuqede ubugebengu.

"Zizolubhodloza udonga. Esikudingayo yilokhu okweyenziwe abaseBombela, lapho abafake khona uthango lukakhonkolo batshala nonogada abaningi. Ngesikhathi uGouws ehlaselwa, onogada bebengabonwa," usho njalo eqhuba ngokuthi abakwaPassenger Rail Agency of South Africa (PRASA) kufanele bavikele izisebenzi zabo kanjalo nabagibeli.

UCarsten uthe esitatimendeni, i-UNTU ithathele abakwaPrasa izinyathelo, abakwa-Prasa baphendula ngokuthi kuwumsebebnzi wamaphoyisa ukuvikela abasebenzi.

UCarsten utshele iNews24 ukuthi uGouws usasesibhedlela njengoba esazoya nasezithombeni (X-Ray) ukuze odokotela bezokwazi ukuthi kufanele ahlinzwe noma cha njengoba kunovalo lokuthi kungenzeka ukuthi kuthinteke imithambo ebucayi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.