Usesihoxisile isicelo abesifake enkantolo owe-ANC

2016-07-29 13:31

Cape Town – Usihlalo we-African National Congress (ANC) eWestern Cape, uMarius Fransman, usesihoxisile isicelo abesifake enkantolo sokuba abuyiselwe esikhundleni sakhe ngemuva kokuba etshelwe ukuthi ukuzoqondiswa izigwegwe, kusho ummeli wakhe u-Ashley Meyer.

“Sesiyihambisile incwadi yokuhoxisa isicelo esisifake enkantolo,” kusho uMeyer.

UFransman wakhetha ukufaka isicelo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesithathu, ykanti inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba i-ANC umnikeze umbiko ngophenyo olwalwenziwa ngaye ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi.

Funda nalolu daba: Ngiyazi uMbeki uzovotela liphi iqembu - Zuma

UFransman, wayesolwa ngokunukubeza ngokocansi uLouisa Wynandwhile,21, ngesikhathi besendleleni elibhekise eRustenburg ngoJanuwari, wamiswa emsebenzini ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo.

Bekulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngoLwesihlanu, kodwa uMeyer uthi ngenxa yokuthi uFransman usewutholile umbiko, uGwede Mantashe wamtshela nokuthi uzoqondiswa izigwegwe, isicelo sabo sebeyasihoxisa ngoba sebeyazi ukuthi yini ezokwenzeka kusukela manje.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.