Usesimeni esibucayi ochithwe yimoto abehamba ngayo

2016-07-29 13:30

Johannesburg - Owesifazane uphuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibucayi ngemuva kokuchithwa yimoto abebehambangayo kuMeyerton‚ eningizimu yeGoli, ekuseni ngoLwesihlanu.

Omunye obesemotweni, naye emchithile imoto, uthole ukulimala okungatheni, kanti umshayeli yena walile ukuyiswa esibhedlela.

Ngesikhathi abosizo lokuqala be-ER24 befika endaweni yesehlakalo kuDonald Road‚ bathole owesifazane, okukholakala ukuthi uneminyaka engu-25 ubudala, elele emgwaqeni, buqamama nemoto.

Funda nalolu daba: Ngiyazi uMbeki uzovotela liphi iqembu - Zuma

“Ngesikhathi ehlolwa kutholakale ukuthi ubesesimeni esibucayi,” kusho i-ER24 esitatimendeni.

Kuthiwa omunye wesifazane, okukholakala ukuthi uneminyaka engu-20 ubudala, utholakale eceleni komgwaqo elimele.

“Bobabili bathole ukwelashwa endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuba baphuthunyiswe eSebokeng Hospital ukuba bathole ukwelashwa okunzulu.”

Imbangela yengozi ibingakaziwa, kubika iTimesLive.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.