Usesimeni esibucayi oshiswe umqashi emsola ngokweba

2016-07-22 12:31

Johannesburg - Usesimeni esibucayi egunjini labagula kakhulu esibhedlela saseRichards Bay, iThe Bay, umlisa owokhelwe ngomlilo wumqashi wakhe emsola ngokweba ithuluzi lokusebenza, kubika iSolezwe.

US’khumbuzo Nsele, 19, waseQongqwane, eSodwana Bay, umsebenzi wakhe ukuklina igceke endaweni yokulalisa izivakashi.

 US’khumbuzo utshele iphephandaba ukuthi umqashi wakhe umfuthe nge-pepper spray ngemuva kwalokhu wamshisa ngogesi kwagqamuka amalangami ebusweni bakhe, washa izinwele, emsola ngokweba i-drill.

Funda nalolu daba: Ukuba ngiphethe ngesandla sensimbi ngabe izinto ziqondile - Zuma

Kuthiwa indaba ye-drill iqale ngeledlule kanti uthi wayiboleka omunye usisi osebenza khona kule ndawo nokwathi uma ebuzwa lowo sisi, uSamke, wavuma ukuthi ikuyena, kusho uNsele.

Ngemuva kwalokhu kuthiwa umqashi wathi uzomjezisa, wabesemshaya phambi kwabanye abasebenzi ngaphambi kokuba ambophele esigxobeni amfuthe nge-pepper spray.

US’khumbuzo uthi umqashi uyalele ukuba aphunthunyiswe emtholampilo kodwa angasho ukuthi ulinyazwe uyena.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.