Usesimeni esibucayi oshumpuke ingalo efemini

2017-02-04 15:12

Pretoria – Owesilisa oneminyaka engu-47 ubudala usesimeni esibucayi ngemuva kokuba ingalo yakhe ibhajwe emshinini efemini yaseGarankuwa, enyakatho yeGoli ngoLwesihlanu, kusho abosizo lokuqala.

"Ngaphambi kwehora leshumi nomuvo ekuseni, abosizo lokuqala bakwa-ER24 bafike endaweni yesigameko bathola owesilisa esekhishiwe emshinini,” kusho okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak.

"Bathole ukuthi ushumpuke ingalo, wabe esethola ukwelashwa ngokushesha."

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo osolwa ngokubulala

Kukholakala ukuthi owesilisa ukhishwe ngozakwabo emshinini ngaphambi kokufika kwabosizo lokuqala endaweni yesigameko, kusho uVermaak.

Uphuthunyiswe eMediclinic Legae ukuze ezothola ukwelashwa okunzulu.

Imbangela yengozi ibingakaziwa kahle. Kodwa kukholakala ukuthi ubezama ukuhlanza umshini ngesikhathi kwenzeka isehlakalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.