Usesimeni esikahle unogada oshaywe kabi eMoses Mabhida

2018-04-22 16:01

Durban - Unogada obhaxabulwe ngesikhathi kuqubuka udlame eMoses Mabhida Stadium eThekwini usesimeni esikahle, kusho abosizo lokuqala ngeSonto.

"Usesibhedlela. Ulimale kabi kodwa usesimeni esikahle," kusho uKyle Van Reenen weCrisis Medical.

Bekunemibiko ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto ethi lo nogada ushonile ngenxa yokulimala kanzima enkundleni zemidlalo emdlalweni weNedbank Cup.

UVan Reenen, nakuba kunjalo, uyichithile imibiko wathi ayisilo iqiniso.

OLUNYE UDABA:Kusaboshwe abantu ababili ngodlame oluqubuke eMoses Mabhida

NgoMgqibelo ebusuku, kube nesiphithiphithi enkundleni yezemidlalo ngemuva kokuba abalandeli abebedinmwe begane unwabu bevele bangena enkundleni kulandela umdlalo iKaizer Chifes yehlulwa yiFree State Stars.

Abalandeli babonakala bengena enkundleni, bejikijela izihlalo bephinde beshaya onogada. Amaphoyisa kudingeke ukuba basebenzise iteargas namastun grenade ukuhlakaza la balandeli abavele bavuka indlabane.

Lo nogada ubonakale kwikhamera eshaywa kanzima ngesikhathi kuqhubeka lesi sihlava esibi enkundleni yezemidlalo.

Lesi sigameko sigxekwe kakhulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.