Usesimweni esibucayi owoMuvhango oshayiswe itekisi yamhlanganisa nenye

2016-08-01 19:02

Johannesburg - USenzokuhle Radebe ongumlingisi ohlelweni oluthandwa kakhulu uphuthunyiswe emtholampilo ozimele ngemuva kokubandakanyeka engozini.

Lo mlingisi ongumfundi kanye nomnikazi wendawo yokuzivocavoca udlala indawo kaSthe Gumede usinge ngokulambisa ngesikhathi eshayiswa itekisi ewela umgwaqo.

Ngokwemibiko ye-Sunday World, lo mlingisi ubehambe emgwaqeni omatasa kakhulu eGoli kuNoord ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Umxhumanisi walolu hlelo nabezindaba u-Amanda Ngudle uthe: “Ubewela umgwaqo ngesikhathi eshayiswa itekisi yayomhlanganisa nenye.”

Le ntokazi ithe ngenhlanhla kubekhona umuntu obone lengozi owazana nomzali womlingisi odlala indawo kaVusi wase emubikela ukuze kuzotholakala umndeni kaSenzo.

“Umama kaRaphael (odlala ekaVusi) owazise umndeni kaSenzo kanti nathi siyithole lapho indabo ngoba besisamangele ukuthi kungani engafiki emsebenzini.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.