Usesitokisini osolwa ngokugwaza umyeni emsola ngokuphinga

2017-01-24 14:30

Bulawayo - Kwembulwa kwembeswa esibhedlela kowesilisa oneminyaka engu-48 ubudala ngemuva kokugwazwa yinkosikazi yakhe yeminyaka eyishumi ngemuva kwezinsolo zokuphinga.

ULydies Svori, 37, waseNew Parklands uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBulawayo ngecala lokuzama ukubulala.

Umsolwa akazange abuzwe ukuba icala uyalivuma noma uyaliphika, wagcinwa esitokisini, icala lahlehliselwa umhlaka-3 Febhuwari njengoba inkantolo isalinde umbiko ovela kodokotela mayelana nesimo somyeni wakhe.

OLUNYE UDABA: Indoda igence owesifazane kubangwa isaka lempuphu

UMehluli Mpofu ongumyeni kaSvori usesibhedlela i-United Bulawayo.

Umshushisi uNkathazo Dlodlo uthe ngoLwesithathu olwedlule uSvori wagwaza umyeni wakhe uMpofu ngemuva kokumsola ngokuphinga.

"Ngomhlaka-18 Januwari kulo nyaka ngezithuba zabo-21:00, ummangali nomsolwa baxabana ngesikhathi umsolwa esola ummangali ngokuphinga," kusho uDlodlo.

UDlodlo ube esethi uSvori wagwaza uMpofu ngommese wesinkwa esifubeni nasezansi kwekhwapha.

Omakhelwane bezwa umsindo baphuthuma emzini wabo beyobheka. Kwabikelwa amaphoyisa, uSvori waboshwa.

UMpofu waphuthunyiswa esibhedlela, kwathokalala ummese okusolwa ukuthi yiwo okwagwazwa ngawo uMpofu.

 - MyZimbabwe

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.