Usesitokisini 'owashisa' umjondolo wentombi

2017-02-14 16:01

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-36 ubudala waseBlikkiesdorp ukhala ngesoka lakhe elaphenduka ibhubesi ngemuva kokuba lithuthele kwakhe.

UPortia Magoga uthe ngemuva kokuba ahlalisane nesoka lakhe laqala lamhlukumeza kanti futhi ngeSonto lashisa umjondolo wakhe.

"Ngiyazisola ngokuvumela le ndoda ukuthi izohlala nami. Izingane zami zishelwe nayimifaniswano yesikole. Izingubo engizigqoke njengamanje ngiziphiwe."

OLUNYE UDABA: Kushone abantu ababili kusha umjondolo

UMagoga wahlangana nesoka lakhe ngoNovemba.

"Wathi efika nje emjondolo wami wafuna ukuthi ngimnike imali yesibonelelo sezingane zami ezintathu. Kwathi uma nginqaba, wangisabisa ngokuthi uzoshisa umjondolo noma asibulale.

"Ngamtshela ukuthi akahambe ngoba wayesihlalisa kabuhlungu kodwa wenqaba," kusho uMagoge.

UMagoga nezingane zakhe babengekho ngesikhathi isoka lakhe lishisa umjondolo. Manje akasazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani.

"Angisebenzi futhi angazi nokuthi ngizoyithathaphi imali yokuthenga izinto zokwakha kabusha umjondolo wami."

Isoka lakhe elineminyaka engu-41 ubudala laboshwa ethaveni eseduze ngemuva kwamahora amane kwenzeke isigameko.

ULieutenant Gerda Swart uqinisekise ukuboshwa kwesoka likaMagoge.

"Le ndoda ivulelwe amacala amabili; elokushisa nokucekela phansi impahla."

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.