Usethi khumu obelingisa kuMuvhango

2017-02-07 14:33

Johannesburg - Ngonyaka ophelile ka-2016 kwabikwa ukuthi uLesley Musina odlala indawo kaNdalamo Mukwehvo kuMuvhango etshengisa ku-SABC 2, uyawushiya umdlalo.

Kulo lelo sonto uLesley wawuchitha lo mbiko wathi bekudlalwa njengoba kungomunye wabangani bakhe abathanda ukubukwa abenze lokhu.

Kulokhu ke, lolu swahla lwensizwa yaseVenda luqinisekise ukuthi lugcine ukuqopha okokugcina nalo mdlalo ngesonto eledlule nokuthi uzogcina ukuvela kuwo ngoMeyi.

OLUNYE UDABA: OweMuvhango uthi ingamanga eyokuthi uyashiya kulo mdlalo

Lesi sihlabani siqinisekise kwabephephabhuku iDrum ukuthi angeke sisabonakala kulo mdlalo.

"Sekuphele iminyaka emithathu ngidlala kuMuvhango, nakuba indawo yami isifike emaphethelweni, kuyohlezi kuyikhaya lami," usho njalo.

Yize indawo Lesley ingeke iphele nya izokhishwa iDrum ithole ukuthi kuzongena umlingisi omusha futhi osemncane endaweni yakhe.

ULesley ezwakala enomunyu uthe ukuthokozele ukuba kwiMuvhango futhi wenza abangani abaningi.

Lesi sihlabani esingumethuli wohlelo iSpeak Out sithe sikuthanda kakhulu ukuba ngu-DJ nokuba wumsakazi kanti siyafisa ukuba ngelinye ilanga kufezeke amaphupho aso. 


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.