Usetholakale uNova obethunjwe kulandela ukudunwa kwemoto

2017-08-25 07:10

Johannesburg -  Umculi wakuleli uVusi Nova usetholakale ngemuva kokuthunjwa kulandela ukudunwa kwemoto yakhe ngaphandle komuzi wakhe eMelville, eGoli.

Kubikwa ukuthi uNova utholwe ngamaphoyisa aseBrixton.

Kthiwa izigebengu zimkhumule izingubo zamshiya egqoke ezangaphansi kuphela ngaphambi kokuba zibaleke nemoto yakhe okubikwa ukuthi ayikatholakali yona.

NgoLwesihlanu ekuseni, isitebele aqopha ngaphansi kwaso uNova sisiqinisekisile isigameko.

OLUNYE UDABA: Iyashiya intokazi yakwaMdoda kwi-OPW

UDelphine Klassen, okhulumela uNova, uthe abesilisa abane baphume emotweni yohlobo lwe-VW Polo bahlasela unova esemotweni.

UNova ubehamba nabantu abane ngaleso sikhathi.

Isigameko kubikwa ukuthi senzeke ngabo-04;45 ekuseni ngoLwesihlanu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.