Usethole ushwele wasemini osehlale iminyaka engu-27 ejele

2016-07-11 17:31

Johannesburg – Lowo oyilungu le-Azanian People’s Liberation Army (Apla), uKenny Motsamai, usededelwe ngoshwele wasemini ejele eliseBoksburg.

NgoJanuwari, kwabambezeleka ukudedelwa kukaMotsamai ngoba wanqaba ukusayinda amaphepha okumdedela ekhala ngokuthi eminye imibandela iphambene noMthethosisekelo.

OLUNYE UDABA: Inkantolo inikeze ushwele umbulali kaChris Hani

UMotsamai walahlwa yicala ngo-1989 ngokubulala iphoyisa lomgwaqo elingumlungu eRustenburg, kanti usehlale ejele iminyaka engu-27, kubika i-Eyewitness News.

Imibandela kashwele ithi uMptsamai uzodedelwa njalo ekuseni ngo-08:00 bese ephindela ejele ngo-16:00.

IPan Africanist Congress (PAC) ithi izimisele ngokuphikisana nale mibandela enkantolo, ithi uMotsomai usesidonsile isigwebo sakhe ngakho kumele adedelwe ejele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.