Johannesburg - Siveza elomhlathi isihlabani sebhola esigijima neKaizer Chiefs, uGeorge Lebese, njengoba sesizitholele uthando.
ULebese kuthiwa usebonakale kaningi echitha isikhathi noJade Williams .
Kuthiwa selokhu ahlukana noSizakele Manonga lo mgadli ubesamile emjolweni.
OLUNYE UDABA: Usezitholele uthando olusha oweDowns
ISunday Sun ibike ukuthi eminyakeni emibili eyedlule uLebese noManonga babejola ngaphambi kokuhlukana kwabuhlungu okwaze kwabandakanya abantu bomthetho kulandela izinsolo zokuhlukunyezwa kwaManonga.
Umthombo osondelene nalesi sihlabani uthe laba bobabili abakwazanga ukufihla ubudlelwane babo. Lokhu kuza ngemuva kokuba bebhale ngothando lwabo ezinkundleni zokuxhumana.
"ULebese useyindoda ehlezi ijabulile. Uke wahlangabezana nezinkinga ngemuva kokuhlukana noManonga. Okwaba buhlungu kakhulu wukuthi owathatha indawo yakhe enhlizweni kaManonga yindoda ayethembile uJimmy Tau," kusho lo mthombo.
Omunye umthombo uthe,"ULebese noWilliams bahlezi bendawonye, ungafunga ukuthi bashadile. Bahlezi bebonakala bezikhiphile bebambene ngezandla. ULebese akasasichithi isikhathi esiningi nabangani bakhe kubalwa no-Itumeleng Khune. Uhlezi ehamba noWilliams, okuyinto abengayenzi ebudlelwaneni bakhe baphambilini."
Ngesikhathi abephephandaba bezama ukuthola ukuphawula kwaLebese, uvele wavala ucingo kanti uWilliams yena akatholakalanga ocingweni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter