Usevelile uthisha 'odayisela' abafundi izidakamizwa

2016-07-15 14:31

Standerton - UMnyango wezeMfundo eMpumalanga usushayele ihlombe amaphoyisa kulandela ukuboshwa kwathisha okubikwa ukuthi udayisela abafundi izidakamizwa zohlobo lwe-mandrax emzini wakhe.

Lo thisha waseMadi Combined School uboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa ethole izidakamizwa emzini wakhe oseStanderton ngomhlaka-8 Julayi.

NgoLwesihlanu okhulumela umnyango uJasper Zwane uthe izingane kufanele zivikelwe kwizidakamizwa.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe okutholwe izidakamizwa epotimendeni lakhe eKapa

"Amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo kanti sethemba ukuthi kuzo kwenzeka ubulungiswa kanti lokhu kuzodlulisa umyalezo wokuthi ukushushumbiswa kwezidakamizwa akwamukelekile.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Johannes Nhlabathi ythe kushaqwe amaphilisa ama-Mandrax angu-200 ezibalelwa emalini engu-R20 000 emzini walo thisha.

UNhlabathi uthe lo thisha, uMduduzi Dlamini uvelile eNkantolo myeMantshi yaseStanderton ngecala lezidakamizwa.

Ubengakalivumi futhi engakaliphiki icala.

Lo thisha udedelwe ngebheyili yemali engu-R3 000 kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-19 Agasti.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.