Usevule ecala umama oshonelwe yingane enkulisa

2017-08-31 09:29

Johannesburg – Njengoba UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng uphezu kwezinhlelo zokuvala inkulisa engabhalisiwe eseSharpville lapho kushonele khona usana, umama walo uthi usevule icala emaphoyiseni ukuze ezothola ukuthula.

Ingane eneminyaka emibili ubudala, uBohlale Mokoena, ishonele eLittle Sunshine Daycare Centre ngasekuqaleni kwenyanga ‘ngendlela esolisayo’.

Isisebenzi sithi ingane yayilele nokwathi uma sebeyibheka bathola ukuthi kayisaphefumuli.

Umama kaBohlale Mokoena, uMphonyana, uthi akakholwa futhi akayamukeli incazelo ayinikezwa yisisebenzi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 'abeba' izimoto endaweni

Uthi kuyamjabulisa ukuthi uhulumeni uyayivala iLittle Sunshine Daycare.

“UNgqongqoshe uthe uzokhipha isaziso sokuvalwa kwenkulisa.”

UNgqongqoshe uNandi Mayathula-Khoza uthi benza uphenyo kanye namaphoyisa.

UMokoena uthi indodana yakhe ibingakhombisi zimpawu zokugula ngomhlaka 2 Agasti, ngesikhathi eyishiya enkulisa. 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.