Usewabeke ethala amakhokho oweChiefs

2017-01-24 07:22

Johannesburg - Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs ongowokudabuka eZimbabwe, uWillard Katsande, usekuqinisekisile ukuthi uthathe umhlala phansi eqenjini lesizwe kulandela ukukhishwa kwezwe lakhe kwi-African Cup of Nations.

UKatsande, oseneminyaka engu-31 ubudala, udlale kahle eqenjini lesizwe kulo mgqudelwano we-Afcon obanjelwe eGabon kodwa ngeshwa abakwazanga ukudlulela phambili ngemuva kokushaywa yiTunisia ngo-4-2.

Lo mdlali weChiefs usezogxila ekudlaleleni iqembu lakhe, kwazise inkontileka yakhe neqembu izophelelwa yisikhathi ekupheleni kwesizini.

OLUNYE UDABA: Ugcine ebuyele kwiPirates obebolekisiwe

UKatsande udlale indima enkulu kakhulu eqenjini lasizwe kusukela ngo-2006 nasekutheni lifinyelele emqhudelwaneni we-Afcon walo nyaka.

Kodwa nomakunjalo, lokhu kusho ukuthi ubeqala egcina ukuya kulo mqhudelwano njengoba esewabeke ethala amakhokho eqenjini lesizwe.

Okwamanje akukaziwa ukuthi ngabe ubani ozoba ngukapteni weqembu lesizwe, kubika iSoccer Laduma.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.