Usexoshiwe uthisha ovela kwi-video ebhaxabula abafundi

2017-08-29 07:03

Durban - Kuhlwe emini ngoMsombuluko kuthisha wase-Okumhlophe Secondary School, eMlazi eningizimu yeTheku, okhonjwe indlela ngenxa yezinsolo zokubhambabula abafundi ngokwedlulele.

INhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uDkt Enoch Nzama uziyele mathupha kulesi sikole namhlanje ekuseni ephelezelwa yithimba lakhe wamemezela ukuthi lo thisha akasadingeki emagcekeni esikole. 

Kule video eputshukile kubonakala uthisha wase Okumhlophe ebhambabula umfundi, abanye abafundi bemi ulayini belindele ukuyoshaywa nabo.

Kule video uthisha uqala ngomfundi ongumfana amshaye emhlane kuhlekwe bese kuba ngumfundi oyintombazane obonakala ekhala ubungqayingqayi ebhambabulwa emhlane.

Uthisha uyezwakala ebuza ukuthi amshaye kanjani lo mfundi uma elokhu enyakaza ngoba uzolimala, asho aqhubeke asithele isibhaxu kaningi uthisha.

UDkt Nzama uthi ukushaywa kwabafundi ngale ndlela kakuvumelekile.

UMnu Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwana, uthi bethuke kabi uma bethola ukuthi lo thisha wesifazane kanti uyisekela likathishanhloko kulesi sikole.

OLUNYE UDABA:Ukhala ngesigwebo umndeni wosikwe amankwahla

Utshele ILANGA ukuthi umholi nguyena okumele ahole ngobulungiswa engaphuli umthetho ukuze abamlandelayo bezobonela kuye. Uthi uyamiswa lo thisha kuze kube kuphothulwa uphenyo. Uveze nokuthi abazali bezingane ezishayiwe banelungelo lokuvula amacala.

"Uthisha ophambana nomthetho siyalwa naye. Akekho ongazi ukuthi ukushaywa kwezingane kasihambisani nakho. Isikole yindawo yokufunda nokufundisa hhayi ukubhaxwa kwezingane. Yizinto lezi esingeke sikwazi ukuzibekezelela," kusho uMnu Mthethwa.

UMnyango unxusa abafundi ukuba babike uma beshaywa njengoba kusathungathwa nomunye uthisha wesilisa obonakale kwenye i-video eshaya umfundi esandleni imivimbo engaphezulu kwemithathu. Kusenezinsolo ezingaqinisekisiwe zokuthi lesi sikole salo thisha omunye siseKokstad. 

Ungqongqoshe uDlungwana usezakhele igama ngenxa yokuthatha izinqumo ngokukhulu ukushesha kothisha abephula umthetho nokungenelela ezigamekweni ezenzeka ezikoleni. 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.