Useyalulama unozinti wePirates

2016-11-22 14:30

Cape Town – Iqembu le-Orlando Pirates selikuqinisekisile ukuthi unozinti walo, uBrighton Mhlongo, usexilongwa okokugcina nokuthi angase abe khona emdlalweni olandelayo uma ngabe leli qembu selibhekene neChippa United ngoLwesibili.

Lo nozinti oneminyaka engu-25 ubudala wathola ukugula ngesikathi iBafana ivakashele eMozambique ngaphambilini kule nyanga.

Ngenxa yalokho, unozinti weSuperSport United, uRonwen Williams, uyena owagcina evimbile emdlalweni ne-Os Mambas.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs icathamela umgadli we-Orlando Pirates

Izindaba zokuthi uMhlongo angase abuye ngokushesha eseluleme ngokuphelele zizoqinisa amaBhakabhaka ikakhulukazi njengoba lo nozinti ongowokudabuka eSoweto kungangatshazwa ukuthi usengohamba phambili kwiPirates.

Kodwa-ke noma kunjalo uMhlongo angase abhekane nenselelo njengoba uzakwabo abanga naye ijezi, uJackson Mabokgwane, engazange angenelwe yigoli ngenkathi lezi zinkunzi zaseSoweto zishaya iFree State Stars ngo-1-0.

Umqeqeshi osabambile kwezikaMagebhula, u-Augusto Palacios, kanye nokhulumela leli qembu, uThandi Merafe, bakuqinisekisile ukuthi uMhlongo uthola ukwelashwa ngemuva kokubuya eMozambique esegula, bathi kodwa uzobuya ngokushesha.

AmaBhakabhaka azobhekana neChilli Boys, ezidonsela ngodizili, emdlalweni we-Absa Premiership ozobe use-Nelson Mandela Bay Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30 kusihlwa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.