"Useyampampa" owanekela umphakathi amahlazo omndeni

2016-11-09 12:35

Pietermaritzburg - Akasazi uzoshonaphi owesilisa waseClermont owadalulela umphakathi izimfihlo zomndeni ezenza ukuba bakhonjwe indlela endaweni.

Le ndoda yadalula ukuthi ugogo wayo uyathakatha kanti sebebaningi abantu asebashona ngenxa yakhe.

USphamandla Majola, 23, owakhuliswa yilo gogo athi ungumkhokheli webandla elidumile uthi waqala ukwenziswa imikhuba yobumnyama esengumnfanyana eneminyaka engu-7 ubudala.

OLUNYE UDABA:Inkosi ixosha undlunkulu emsola ngokuthakatha

UMajola uthi ukwenza imisebenzi yobumnyama sekubulale inqwaba yabantu kanti ngesikhathi esekudalula lokhu emphakathini wazithola esebalekelwa yiwo wonke umuntu, kwadingiswa umndeni wakhe waphinde wajikelwa nayizihlobo. 

UMajola uphinde wathi impilo yakhe ayikaze ifane neyezinye izingane kusukela ebuncaneni bakhe njengoba ugogo wakhe wayebathuma nomzala wakhe ayelingana naye ngeminyaka ukuba bayoganga emzini yabantu.

Ngokuthola kwe-EyethuNews uMajola uthe ugogo wakhe kwakuthi uma bebuya esikoleni ebatshele ukuthi abalale ukuze bezokwazi ukuvuka ebusuku bayosebenza.

Lo gogo wayebavusa phakathi kwamabili ebatshele ukuthi mabakhumule basale ngama-anda bese begibela isilwane esasizobathatha sibabeke la abathuma khona.

UMajola ngemuva kokudalula le mihlola ube esewumuntu ohambe ehlala kanti egcina ukucela usizo bekuyisekhanseleni likawadi 19 elamchitha lathi akaphinde ekhanseleni likawadi 20 la okwadingiswa khona umuzi wakubo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.