Useyashiya kuGenerations: The Legacy umlingisi wodumo

2017-08-07 18:00

Cape Town – Usaziwayo wakuleli kamabonakude futhi ongumethuli wezinhlelo emsakazweni, uThando Thabethe, usememezele ukuthi uzowushiya umdlalo wakuleli owuchungechunge nongaconsi phansi kubalandeli bawo, iGenerations: The Legacy.

UThando wajoyina iGenerations: The Legacy edlala indawo kaNolwazi Buzo.

OLUNYE UDABA: Umlingisi weGenerations akawuvali umlomo ngesoka elimcele umshado

Esitatimendeni esikhishwe yiSABC, uThando uthi: “Iminyaka yami kwiGenerations: The Legacy ibingelutho kodwa isimangaliso. Ukudlala indawo kaNolwazi kuyishintshile impilo. Sengifunde okuningi ngami kanye nobuciko obungakholakali bokulingisa futhi ngihlale njalo ngibonga kakhulu abadidiyeli, abaqondisi, ababhali, abalingisi kanye nethimba futhi ikakhulukazi ababukeli.”

Uqhube wathi bekungesisona isinqumo esilula kodwa uzohamba “nobudlwelwano obukhulu” kanye “nokuqonda okungcono kanye nokubonga” ngomsebenzi wakhe.

Oyi-Executive Producer yeGenerations: The Legacy, uMfundi Vundla, uncome uThando “njengomunye wabalingisi bakamabonakude baseNingizimu Afrika abanethalente”.

UThando usazoqhubeka nokubonakala kuze kube uJanuary u-2018.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.