Useyazivalela oshayelwe ukuba muhle

2017-03-07 12:42

Durban - Usesaba nokunyathela ngaphandle umfundi,15, waseMargate Middle School eMargate ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, njengoba esehlala ezivalele endlini emuva kokusabalala kwe-video yakhe eshaywa ngozakwabo ekilasini ngoba esolwa ngokuthi uyachwensa futhi muhle, kubika iphephandaba ILANGA.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko, esenzeke kulo mfundi odabuka eGamalakhe, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal mhla zingama-23 kuNhlolanja (Febhuwari), siholele ekubeni unina alaliswe esibhedlela.

Ngesikhathi lo mfundi eshaywa, kukhona abanye ababezenza abasakazi abanye bezenza onompempe – kuzwakala nenhlokomo kungathi yisesipotini.

Kuthiwa kusize ukufika komunye wothisha okusolakala ukuthi udonswe wumsindo obuqhuma phezulu.

OLUNYE UDABA: Isobishini intatheli esolwa ngokucwasa ngokobuhlanga kuFacebook

Ufike lo mfundi ephansi ecindezelwe kubonakala ukuthi ukuba ufike emuva kwendaba, ngabe konakele.

Umndeni womfundi ukhala ngabaphathi besikole nehhovisi loMnyango wezeMfundo kuleya ndawo othi bakhombise ukungabi nendaba mayelana nokwehlele ingane yabo ngesikhathi beye ehhovisi beyocela usizo.

UKwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe njengoba sebelutholile lolu daba bazothumela ithimba loMnyango ukuba liyothola imininingwane ngesigameko.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe icala lokushaya liyaphenywa kodwa akukaboshwa muntu.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.