Usezibiza ngomfowabo kaJesu obeyinyanga

2017-07-03 19:29

Durban - Ushiye angalazi kubefundisi bamatende uZamokwakhe "Bhaka" Nzama wodumo lwezimbiza, osengumfundisi weKuphileni Power of King Bhaka's God Ministries - ethi yena useyindodana kaNkulunkulu esesigabeni esithi masilingane neseNkosi uJesu.

Ekhuluma phambi kwamalunga ebandla lakhe ePinetown Civic Centre ngeledlule, uBhaka uthe kubo bonke abefundisi abadumile abathi basindisiwe, akekho noyedwa ongenayo inyanga akhendla kuyona ukuze kugcwale abantu ebandleni lakhe.

Uthi ngisho bethandazela abantu, basebenzisa izilwane ezigingqa phansi amakholwa bese bethi ngamandla abaphiwe wona enza lokhu kanti phinde, abantu bashaywa ngemfe iphindiwe.

OLUNYE UDABA:Kutholane phezulu uBhaka noMzimba okhala imali

"Akekho umuntu ongaguli ndawo ongavele awiswe wukubekwa isandla uma ethandazelwa.

"Into ewisa abantu yilezi zilwane (abefundisi) abazisebenzisayo. Zibenze badideke umqondo babenenzululwane bese begingqika. Imvamisa yalabo bantu abawiswayo kabasindi ekuguleni okubaphethe, oyisishosha uvuka eseyisona, onenkebenkebe yesilonda avuke sisekhona.

"Baze basizwe wukuza la enkonzweni bese bethola ukuphulukiswa okuvela kuNkulunkulu okungaxutshwe nalutho," kusho uBhaka.

Impilo ephezulu, wukuhambela imicimbi ephezulu, apepenyeke nosaziwayo, uthi sekuwumlando kuyena uBhaka njengoba esezibiza ngomfowabo kaJesu.

Ekhuluma neLANGA uBhaka, uthe ngeke esaphinde abonakale emcimbini emikhulu ehlanganisa abantu abaningi - kubalwa neyezindondo - ngoba lo omthumile usefuna asize abantu ngomthandazo.

"Kangisesiyena uBhaka lo enimaziyo kodwa sengiyinkosi uBhaka esesigabeni esithi masifane neseNkosi uJesu. Ebandleni lami noma yikuphi lapho ngihamba khona, sengibizwa ngenkosi."

"Kangizikhethelanga lokhu kodwa yisigaba uNkulunkulu angibeke kusona. Ebandleni kuke kufike abantu asebethwelwe ngengubo begula ngiphume ngiye emotweni ngiybuza kulo onhithumile ukuthi ngimenze njani lo muntu, ngibuze ukuthi unayiphi inkinga bese engitshela, umuntu ahambe esephil esezihambela," kusho uBhaka.

Thola udaba oluphele kwiphephandaba ILANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.