Usezikhindini 'umashonisa' obanjwe namakhadi angu-846 akwa-Sassa

2017-08-24 18:03

Johannebsurg - Usezikhindini osolwa ngokuba ngumashonisa kulandela ukutholakala namakhadi angu-846 akwaSouth Africa Social Security Agency (Sassa), kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesine.

ULizhong Ye odabuka e-Asia, kukholakala ukuthi ubenebhizinisi lokuba ngumashonisa, iningi lamakhasimende akhe liphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni.

UYe, oneminyaka engu-55 ubudala, uboshwe ngoLwesibili eNortham Plaza, lapho okukholakala ukuthi yilapho abeqhubela khona ibhizinisi lakhe.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe umashonisa owabanjwa ekhipha imali emakhadini amakhasimende

"Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi wawo ashaqe amakhadi angu-846 akwa-Sassa, ama-laptop amabili, amakhamera amabili, ama-speedpoint amathathu nemali engu-R343 075," kusho uCaptain Matimba Maluleke.

Umsolwa ubeseke wavela enkantolo ngecala lokuphambana nomthetho uSection 20 of Social Security Act 13 ka-2004 noweNational Credit Act 34 ka-2005.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-28 Agasti ukuze kuzotholakala utolika.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.