Johannesburg - Umdeni wakwaRana esigodini sakwaNxotshana eMount Fletcher e-Eastern Cape uzilele indodana yawo eshone ngesikhathi yelusa imfuyo ezintabeni ngempelasonto.
UKulumane Rana, 24, utholwe eseyisidumbu ngoLwesihlanu ngemuva kokuba yena namanye amadoda alusayo abhajwa eqhweni ngesikhathi likhithikile.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa abane ngokweba imfuyo
Abantu besigodi bahambisa imfuyo yabo ezintabeni ngenkolo yokuthi yilapho utshani bubuhlaza khona.
Ubaba kaKulumane uLebeko Rana uthe nakuba zonke izimvu zakhe zibuye zonke umndeni usosizini, kubika i-SABC.
"Ngibuhlungu kakhulu ngoba indodana yami ibilusizo kakhulu. Ubeyinakekela imfuyo. Wonke umuntu kulesi sigodini udabukile. Abanye bavele bakhihle esikaNandi uma ngibatshela ngokudlula kwayo."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter