Usezivikele kuFacebook umfundi ofakelwe u-R14m ngephutha

2017-08-31 12:34

Johannesburg – Umfundi wesifazane ofunda esikhungweni semfundo ephakeme, iWalter Sisulu University (WSU) owakhokhelwa ngephutha isamba semali engu-R14 million ye-NSFAS, usezivikele kuFacebook, wathi walubika lolu daba kwiziphathimandla, kubika iHuffPost SA.

I-IOL ishicilele umbhalo ofakwe yilo mfundi wasenyuvesi, nalapho ethi: “(Bona) bafaka imali eningi kwi-account engafanele futhi leyo akhawunti kwenzekile ukuthi eyami. Ngakho angiphiki lutho… imali yafakwa ngomhlaka-1 kuJuni yabe isibuyiselwa emuva ngomhlaka-13 Agasti. Kodwa umbuzo ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi kube yindaba yomphakathi. Impendulo isobala futhi iphambi kwethu… (bona) bakhohlwe ukubalula ingxenye eyodwa ukuthi… ngalubika udaba kwiziphathimandla,” kusho umbhalo wakuFacebook.

“Njengomfundi omele ukwenza okuthile futhi oyilungu lePASMA (Pan Africanist Student Movement of Azania), ongesilona nje kuphela ilungu kodwa umholi wabafundi ngaya ngqo kwi-SRC ukubika lolu daba. Namhlanje abantu okulindeleke ukuthi bangivikele iSRC ithule, abanye babo badale ukuputshuka kwalolu lwazi ngoba bafuna ukucosha amaphuzu ezepolitiki.”

OLUNYE UDABA:Usebhekene nezinyathelo zomthetho umfundi ofakelwe u-R14m ngephutha

Umfundi waseWalter Sisulu University wathola le mali ezinyangeni ezine ezedlule kanti selokhu ayithola kuthiwa usephila ntofontofo, wachitha imali engaphezu kuka-R400,000 ezindaweni zokudla, emaphathini, izingubo kanye namafoni – konke okwafakwa ezinkundleni zokuxhumana. Uphenyo ngalesi sigameko luqaliwe ngoLwesithathu.

OyiChief Executive yenkampani esingatha ukukhokhelwa kwabafundi izibonelelo, i-IntelliMali, uMichael Ansell, kwi-IntelliCard  yabafundi base-Walter Sisulu University's (WSU), utshele i-IOL  ukuthi le nkampani ithathela izinyathelo zomthetho lo mfundi “ozisize” ngale mali.

NgoLwesithathu u-Ansell uthe lo mfundi ozinze e-East London wathola isibonelelo sanyangazonke sokudla sika-R14.1m esikhundleni sika-R1,400 ngoJuni.

Kusolwa ukuthi ubesesebenzise imali engaphezu kuka-R800,000 futhi uphenywa ngenkohlakalo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.