Usezoba nohlelo olusha ku-TV umculi

2017-02-06 10:00

Cape Town – Umculi wakuleli nosanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi Easy Come Easy Go ngasekupheleni konyaka, usezoba nohlelo olusha kumabonakude.

I-albhamu yalo mculi yaqoshwa ngaphansi kwesitebele iKalawa Jazmee Records kanti kuyimanje iyatholakala ezitolo ezinkulu okubalwa nasezinkundleni ezisebenzisa internet nalapho yenza khona kahle.

Lo mculi umemezele enkundleni yezokuxhumana iTwitter ukuthi usezokwethula uhlelo okungolwakhe kwesinye seziteshi zikamabonakude zesifunda, iGauTV, noluzobizwa nge-Artist Rundown.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa uRobbie Malinga noMusa bajoyina iMabala Noise

Lolu hlelo lwezingxoxo luzogxila ohambeni lwabantu abadumile kanjalo nezingqinamba ababhekene nazo. Phakathi kwabanye bosaziwayo abazomenywa kulolu hlelo kubalwa umculi ophakanyiselwe kwabazowina izindondo kumaMetro FM Awards, uMpumi kanye nabanye.

“Ababukeli bangalindela ukufunda izinto ezintsha abebengazazi ngosaziwayo ababathandayo kanjalo nokujatshuliswa,” kusho uCandy Tsamandebele.

IGauTV, nokuyisiteshi esidlala ku-DSTV channel 265, kuyimanje isakaza amahora angu-12 nje kuphela kusuka ngo-6 ekuseni kuze kube ngu-6 ntambama, kodwa manje isizosakaza amahora angu-24 kusukela ngomhlaka-12 kuMarch kunyaka ka-2017.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.