Usezonandisa kwi-Gqom in Concert uBabes wodumo

2018-04-20 19:27

Durban - Uthuse abalandeli bakhe uBabes wodumo, ngemuva kokuba efake i-poster yomcimbi iGqom in Concert, lokhu kwenzeka nje le ntokazi yabiza itshe lemali ngesikhathi iqashwa ukuthi izonandisa kulo mcimbi.

Kwagcwala amaphepha kanye nazo zonke izinkundla zokuxhumana lokhu njengoba umphathi we-Afrotainment uMthokozisi "Dj Tira" Khathi aveza ukuthi le ntokazi imbize imali eshisiwe ethi uyayiqasha, angayibizi uma eqashwa, naye agcina engayidalulanga ukuthi iyimalini, kwaphoqa ukuthi ayeke ukuyiqasha.

IZindaba24 zihoshe ngomthombo osondelene nesitebele iWest Ink, uBongekile Simelane aqopha ngaphansi kwaso, ukuthi ilinganiselwa ku-R300 000 imali ebifunwe yile ntokazi efike kwezomculo yathakaselwa kakhulu ngomculo weGqom njengona ibizwa ngeGqom Queen.

OLUNYE UDABA: Bayakhala abalandeli baBabes Wodumo ngokunganandisi kwakhe kwiGqom in Concert

Njngoba uBabes esezoba yingxenye yalo mcimbi wakusasa, ozobanjelwa enxanxatheleni yezitolo iPavallion Mall, kugcine kungacacanga ukuthi ukhishelwe malini ukuthi azonandisa.

Ngokungangabazeki abalandeli bomculo weGqom bebekhala ezimathonsi ngenxa yokuthi le ntokazi ngeke inandise. Kube nzima uDj Tira echashwa ngezinhlamba ezinkundleni zomuxhumana ngenxa yokuthi akayifakanga ohliwini lwabazobe benandisa le ntokazi.

Abalandeli baBabes, ofike ngegiya eliphezulu emculweni weGqom, baveze izikhalo zabo ekhasini likaDj Tira kuFacebook bezwakalisa ukuthi lo mcimbi bebezowujabulela kakhulu ukuba bekuzonandisa noBabes.

Imizamo yokuthola abe-Afrotainment ayiphumelelanga, imiyalezo abathunyelwe yona abayiphendulanga, kanti noBabes Wodumo akatholakalanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungaphendulwa.

Abaculi okulindeleke ukuthi banandise kubalwa uKwesta, iDistruction Boyz, Tipcee, uMshunqisi, uDj Boonu kanye nabanye.

Asebalelwa ku-1 000 amathikithi asedayisiwe, kanti wona aqala ukuthengisa ngo-R200 kuthi awezicukuthwane abize u-R450.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.