Usezosayina kuMabhakabhaka obegijima kuChippa

2017-01-26 13:03

Cape Town – Umdlali wakamuva ukusayina ku-Orlando Pirates, uJames Okwuosa, kubikwa ukuthi uzosayina isivumelwano seminyaka emithathu naMabhakabhaka ngemuva kokushiya iChippa United ngesivumelwano sokubolekiswa.

Ngokombiko we-Owngoalnigeria.com, lo mdlali weqembu lesizwe laseNigeria kulindeleke ukuthi asayine le nkontileka ezodonsa kuze kube unyaka ka-2020.

OLUNYE UDABA: Akakasho lutho uKhoza - Benni

Umphathi weChippa, uChippa Mpengesi, uye wakuqinisekisa ngaphambilini ukuthi uhlelo lokusayiswa kwalo kwalo mdlali luyaqhubeka.

Lo mthombo wezindaba ubike ukuthi, “Lo mdlali owake wamenywa kuSuper Eagles kulindeleke ukuthi asayine isivumelwano seminyaka emithathu naleli qembu, nesizokwenziwa sibe semthethweni ezinsukwini ezizayo ngamaqembu womabili.”

Lesi sitobha esidlala maphakathi wazakhela igama kumaChilli Boys selokhu ajoyina kuleli qembu lasePort Elizabeth ngonyaka ka-2012 evela ku-Enugu Rangers, egijima kuPremier League yaseNigeria.

Ngaphezu kwalokho, nozakwabo ka-Okwuosa, kuChippa, uMarc van Heerden, naye kulindeleke ukuba ajoyine iPirates. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.