USfiso Ncwane uchazwe njengomuntu onothando

2016-12-09 13:31

Durban – Wonke umuntu ogibela esteji ufike asho into eyodwa ngomculi ongasekho emhlabeni, uSfiso Ncwane, ochazwa njengobenothando futhi ebahlonipha abantu.

Inkonzo yakhe yesikhumbuzo iyaqhubeka eGrace Bible Church, eSoweto, eGoli.

Eyokuqala ibibanjelwe eThekwini Community Church ngoLwesine.

“Ubhuti Sfiso ubesefana nomfowethu ngendlela abeyiyo nebesiphathene ngayo. Umndeni wakwaNcwane nowakwaGumede ubusuyinto eyodwa,” kusho uLungelo Gumede, ongumlamu kaNcwane.

Uthe bazoqhubeka balekeleke unkosikazi kaNcwane, u-Ayanda, ekukhuliseni abantwana.

OLUNYE UDABA: Ushiye angalazi uLinda kweyesikhumbuzo sikaSifiso Ncwane

Umngani omdala kaNcwane, uMduduzi Mthembu, ucele amadodana kaNcwane ukuba aqhubeke nokuhlonipha aphile impilo ebifunwa nguyise.

Lowo oyi-road manager kaNcwane, uCelumusa Mdlalose, ukhulume wagqamisa inhlonipho nentobeko kulo mculi.

“Yize ebengubasi wami, kepha ubengazenzeli umathanda futhi konke ubekwenza ngothando nangokukhulu ukuthobeka,” kusho uMdlalose.

Lo mculi owaduma ngamaculo afana nathi Umkhuleko, Kulungile Baba nelithi Phakama, uzofihlwa ngoMgqisbelo, eThekwini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.