Ushaqekile obulawe yindodana ephila

2017-06-22 11:02

Durban - Ushaqekile owesifazane wesoPhapheni, eHighflats, eningizimu-ntshonalanga yeKwaZulu-Natal obulawe yindodana yakhe ephila ngoba ifuna imali yomshwalense ebizoya kovela ngayo ekhweni.

UMakhosi Mhlongo, 55, kubikwa ukuthi ubulawe yindodana yakhe, uMzokhulayo Khomo, 26, ngoba ifuna imali yokuyolobola intombi yakwaMthembu esigodini saseHlokozi, khona eHighflats.

Ngokusho kukaMhlongo, uthole ukuthi ubulawe mhla ziyisihlanu kuJulayi nyakenye.

Utshele ILANGA ukuthi uthuke woma ngesikhathi etshelwa emholweni esegingqa isithupha ukuthi imali kayiphumi ngoba ushonile.

“Emuva kokuthola lo mbiko ngibhekise amabombo eMnyangweni wezaseKhaya eXobho ngiyobuza ngale nsambatheka. Nakhona eMnyangweni bakuqinisekisile ukuthi ngishonile.

“Bangitshele nosuku engishone ngalo olubhalwe esitifiketini sokushona. Kuvele kwabamnyama amehlo, ngangazi ukuthi ngenzenjani njengoba siphila ngayo le mali yesibonelelo sikahulumeni.

“Ngithe uma ngifika ekhaya ngisasangene ikhanda, ngabaxoxela ngalo mhlola ongehlele. Indodana yami ivele yahlanza lonke iqiniso, yathi iyona engibulele ngoba ibifuna imali ebingikhave ngayo. Le mali ithe ibizoyihambisa ekhweni layo iyozishaya zonke,” kusho uMhlongo.

OLUNYE UDABA: Uzowubona ngezithombe umngcwabo wendodana yakhe umama oboshiwe

Uthi akanaso isiqiniseko sokuthi yimalini ephumile kumshwalense. Utshele iphephendaba ukuthi udaba ube eseludlulisela emndenini ngoba beselungaphezu kwamandla akhe.

Uthi emhlanganweni kuvunyelweni ngokuthi indodana izomondla njengoba imali yempesheni engasayitholi yena.

“Ngempela ikwenzile lokho zinyanga zonke. Nakuba singishaqisile isenzo sayo, kodwa sengisidlulisile ngayeleka umthetho wenze umsebenzi wawo,” esho.

Uthi usebonga uMnyango wezaseKhaya njengoba usumvusile ekufeni, wamenzela umazisi omusha, kanti inkinga abhekene nayo manje ukuthi aphinde akwazi ukuhola imali yesibonelelo sikahulumeni.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLt Colonel  Thulani Zwane, uthe likhona icala elivuliwe emaphoyiseni aseXobho. Kanti umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi eXobho izolo ngoLwesithathu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.