Ushaya ibuya uBlackBerry ngefoni enamabhathini

2017-01-27 13:00

Johannesburg  - Inkampani eyakha amafoni eke yadlisa kakhulu ngaphambilini, uBlackBerry, ayizimisele ngokuthi ife noma ilaxaze ukusetshenziswa kwamabhathini njengoba isimemezele ukuthi izokwethula ifoni yayo entsha eyi-smartphone, iMercury.

Le nkampani ithi izokhipha ifoni entsha ene-keyboard ephelele ngesikhathi seMobile World Congress 2017 ezobanjelwa eBarcelona ngenyanga ezayo.

OLUNYE UDABA: Angeke usawakha amafoni uBlackBerry, umiswe kabi uSamsung no-Apple

Ngokwethula le foni ephinde yaziwe nge-‘DTEK70’ ngomhlaka-26 kuFebhuwari, uBlackBerry, uzojoyina ezinye izinkampani ezakha omakhal ‘ekhukhwini, nokubalwa kuzo uLG kanye noHuawei.

Usuku lwale ngqungquthela luvamise ukuhambisana nokwethulwa kwamafoni amaningi amasha yizinkampani ezinkulu.

Ngonyaka owedlule, kwethulwa amafoni adle ngobuchwepheshe obusenzingeni eliphezulu nokubalwa kuwo iLG G5, iHuawei MateBook, iSamsung S7 kanye neS7 Plus.

IMercury kulindeleke ukuba isebenzise ubuchwepheshe be-Android Marshmallow kanti izoshaya ngekhamera engu-13 megapixel kanye nengu-8 megapixel engaphambili.

NgoSepthemba wangonyaka owedlule, uBlackBerry wamemezela ukuthi angeke usawenza amafoni amasha, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wamemezela ukuthi ezinye izinkampani yizona esezizothatha izintambo ekwakheni amafoni zisebenzisa igamal leBlackBerry.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.