Ushaye izandla wahleka egwetshwa odilikajele abane umalugaju

2017-08-24 16:01

Cape Town – Umalugaju owalahlwa amacala okubulala, uCameron Wilson, ugwetshwe odilikajele abane neminyaka engu-60 ebhadla ejele.

Izigwebo anikwe zona uzozidonsa kanye kanye.

Lo wesilisa oneminyaka engu-20 ubudala walahlwa amacala amahlanu okubulala, okubalwa kuwona nelokubulala uLekita Moore, eValhalla Park, ngoSepthemba 2016.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe udilikajele umqeqeshi owadlwengula umfana,14

Lona wesilisa ushaye izandla wahleka ngesikhathi inkantolo imgweba ngamacala ahlanganisa nelokudlwengula nokutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu, ukushaya kanye nokwakha itulo lokubulala.

UWilson, ubelokhu ezamula eqwayizisa amehlo akhe ngesikhathi uJaji Chantel Fortuin efunda isinqumo sakhe enkantolo ebigcwele phama.

UWilson walahlwa amacala ngoJuni nonyaka.

UMoore wayephuma ephathini ezintatha, wangabe esafika kubo. Watholakala ngakusa egwazwe washona, ummese uhlonywe emzimbeni kuye.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.