Ushaye umkhwekazi wamshiya emabokoboko

2017-09-11 11:06

Durban - Udliwa yingebhe umndeni wakwaMwelase eShiyane eRorke's Drift ngemuva kokuba umkhwenyae wawo eshaye isalukazi sakhona esiwumkhwekazi wakhe wasishiya simabokoboko.

Yize eboshiwe uPhilani Mpanza, 38, ngokushaya uMinah Mwelase, 67, lo mndeni uthi kawazi ukuthi uyokwenzenjani uma usolwa enganikwa ibheyili.

Iphephandaba iLANGA lithole ukuthi uMwelaze uze ushaywa nje ubezama ukukhuza umkhwenyana wakhe obeshaya indodakazi yakhe.

Kuthiwa uMpanza ugasele kwaMwelase ngeSonto eledlule ekuseni wadedela ngesibhaxu kunina wezingane zakhe, ezinganeni zabo ezimbili ezincane nakumlamu wakhe ethi uyolanda izingane abangafuni ngazo ekhweni.

OLUNYE UDABA:Wamangaza abaningi umakoti elaxaza umkhwenyana kushadwa

Lomama uzibizele ulaka lukaMpanza ngokukhuza umsindo osuqhuma phezulu emzini wakhe, kwabe uzithintele, washaywa naye.

Ilungu lomndeni elicele ukuba igama lalo lingadalulwa uthe lithi banovalo ngoba uMpanza, obelokhu egcogcoma kulo muzi ebasabisa ngoba kabazi ukuthi uma ededelwa yini azobenza yona.

Utshele leli phepha ukuthi ukungaboni ngaso linye phakathi kukaMpanza nalo mndeni kuqale ngoba ubehlukumeza ingoduso yakhe, eyishaya nsuku zonke.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.