Ushayeke phansi washona owesilisa ngemuva kokuzwa ngokubulawa kwendodana

2017-07-25 12:37

Cape Town – Ubaba womfana oneminyaka engu-19 ubudala owabulawa eMizamo Yethu, kuthiwa ushayeke phansi washona ngoMsombuluko, kubika iThe Star.

Umama walo mfana, u-Agnes Betana, uthi indodana yakhe, uSiyamthanda, ubeyodlala ibhola ngesikhathi bezwa izindaba zokuthi usebulewe.

Ubaba, uThabiso Betana, uvele washayeka phansi washona ezwa lezi zindaba.

U-Agnes uthi ubesazama ukuthola kabanzi ukuthi ingane yakhe ibulawe ngubani futhi eyibulalelani ngisikhathi ephuthumisa umyeni wakhe esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Indodana idutshulwe ekhanda izama ukusiza uyise

UThabiso washona ngalo lolo suku ezwa ngalo ngokubulawa kwendodana yakhe.

USiyamthanda ubenza unyaka wokuqala wezifundo ze-Chemistry e-University of the Western Cape.

Imininingwane mayelana nokubulawa kwakhe ayicacile kahle njengoba kwenzeke ngesikhathi kubhikisa abahlali basemijondolo.

Owayenguthisha wakhe eWynberg High School uthi ushaqekile ngalezi zindaba wakhipha umehlokaboni ka-R10 000 kulabo abangaba nolwazi ngokubulawa kwakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.