Ushayelwe ihlombe obelethise owesifazane izingane ezine ezingamawele

2017-08-31 09:29

Johannesburg – Unesi, uSimphiwe Nomali Buthelezi, waseVryheid hospital, ushayelwe ihlombe ngokubelethisa ngempumelelo owesifazane izingane ezine ezingamawele.

UJabulile Sangweni, 30, ubelethe amawele ngaphandle kokuba nezinkinga: Amantombazane amathathu kanye nomfana oyedwa.

USangweni, ongowaseDumbe, ulethwe nge-ambulensi esibhedlela ephuma kubo ngabo-07:30 ekuseni ngoLwesine esikwa.

USangweni umangele ngesikhathi ebeletha izingane ezine ekubeni yena ebelindele eyodwa.

“Eqinisweni bengingazi ukuthi ngithwele izingane ezine. Ngimangele ngesikhathi unesi esengitshela ukuthi ngithwele izingane ezingaphezu kweyodwa. Bengingalindele. Ngishaqekile kodwa futhi ngiyajabula manje.”

OLUNYE UDABA: Uqashwe ngamaphoyisa ufakazi ecaleni lezicubu zomuntu

Lona wesifazane welulama kahle kanti izingane zakhe nazo zisagcinwe eVryheid Hospital, zithola ukunakekelwa.

UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN, uDr Sibongiseni Dhlomo, uthe uhalalisela uSimphiwe Nomali Buthelezi nethimba lakhe ngomsebenzi omuhle.

Uphinde wathi kuyisimanga ukuba umama angabeletha izingane ezine ngaphandle kwezihibe.  

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.