Ushayelwe ihlombe umrepha waseThekwini ngomusa wakhe

2017-01-23 16:00

Durban - Kuthinteke izakhamuzi zakuleli ngesenzo esihle somrepha odabuka KwaMashu, enyakatho yeTheku, uDuncan 'Skuva' Mbambo.

UDuncan ubhale enkundleni yezokuxhumana ekhasini lakhe likaFacebook ngomfana osemncane ahlangane naye enxanxatheleni yezitolo eseThekwini.

OLUNYE UDABA: "Ukube kwakungesikho ukwenza kukaMandoza ngabe ngabuyela e-E Cape"

Lo mrepha ubhale ukuthi usize lo mfana kanye nomndeni wakhe ngokuwuthengela igilosa; okubalwa kuyo impuphu, igalane lamafutha nokunye. 

UDuncan echaza, uthe akwenzile ubengakwenzeli ukubukwa kodwa ubekwenza ngoba ukuleli zinga akulo ngokomsebenzi ngenxa yokuthi kukhona umuntu owakholelwa kuye.

Uthi okumhlabe umxhwele ngalo mfana ukuthi uthe emfumbathisa ubuchwabalalana, waguqa phansi ngedolo wakhuleka.

Okubhalwe kuFacebook kanye nezithombe:

 - Drum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.