Okaloosa - Uthweswe icala lokushayela ngobudedengu owesifazane ngemuva kokuvuma ukuthi ubeshayela ecimezile, kusho amaphoyisa aseFlorida.
Amaphoyisa ase-Okaloosa County athe owesifazane oneminyaka engu-28 ubudala uhlulekile ukulawula imoto ngesikhathi eshayela ecimezile ngoba ethandaza.
OLUNYE UDABA:
Lo wesifazane ubeshayela kuMarcia Drive ngesikhathi engami ku-stop sign wayongena ezimpambanweni zomgwaqo wayoshayisa umuzi okuMarimar Drive.
Lo wesifazane ushayise lo muzi wathi uyazama ukuhlehla wahluleka. Uphuthunyiswe esibhedlela eyohlolwa, kubika iwwww.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze
uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter