Ushaywe kanzima owaseJozini osolwa ngokubulala owesifazane

2018-02-28 07:11

eThekwini - Ikhandwe ngamatshe, yathelwa induku emini ilanga libalele indoda yaseKhwambuzi eJozini okuthiwa iyinyanga.

Le ndoda isolwa ngokwakha itulo lokuba kulalelwe unyendle owesifazane ukuze ezocwiywa.

Isidumbu salo wesimame ogama lakhe nguNokukhanya Ntimande, 24, sitholwe sihlinziwe, sacwiywa, salahlwa emfuleni.

NgoLwesihlanu amalungu omphakathi alinganiselwa ku-100 kuthiwa ahlanganyele ndawonye anquma ukuba kutitinywe kukhandwe ngamatshe uThulane Gumede, 37, obengumelaphi wendabuko owaziwayo endaweni.

OLUNYE UDABA:Kuhlehle icala umsolwa engawutholi umbhede esibhedlela eMtshezi

Kushaywe nomngani wakhe okuthiwa wayazi ngodaba lokuthi kuthungathwe owesimame bamcwiye ukuze izicubu zakhe zihlanganiswe neminye imithi kuthakwe umuthi wenhlanhla.

Kuthiwa kuyembulwa kuyembeswa kulo mngani ogama lakhe ligodliwe njengoba esesibhedlela.

ILANGA linikele kule ndawo liyozizwela ngokwalo ngalolu daba nokuyilaphi lifike lathola amalungu omphakathi abecasukile ngalokhu okwenziwe yile nyanga.

UNtimande wanyamalala ngomhlaka 13 Febhruwari, umphakathi waphuma ngobuningi bawo ukumthungatha yonke indawo.

Amalungu omphakathi ahogela ukuthi kunesihlobo sakhe okukholakala ukuthi yisona esimelusile ukuze abasolwa bazi ukuthi usukaphi uyaphi futhi ngasiphi isikhathi.

Umphakathi ugasele emzini walesi sihlobo, salihlanza njengoba linjalo iqiniso.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala lokushaya kubulawe owesilisa esiteshini samaphoyisa aseNgwavuma.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.