'Ushaywe ngamaphoyisa' wangena esikhathini

2017-08-22 12:32

Durban - Uthukuthele uthelwa ngamanzi umndeni wowesifazane waseLamontville, eningizimu yeTheku okuthiwa ushaywe ngamaphoyisa waze wangena esikhathini kungafanele njengoba ubesanda kuziqeda izinsuku zakhe.

UNkz Anele Mlobeni, 20, kuthiwa uzithintele izinqandu ngesikhathi ebuza imvume yokusesha emaphoyiseni amathathu angene ngoshova kubo ngoLwesihlanu aphikitha zonke izindlu ethi afuna umfowabo omdala, uMnu Buyani Mlobeni, 25, agcine engamtholanga.

Ngokusho kukamzala kaNkz Mlobeni, uMnu Senzo Ncandela, la maphoyisa – abanawo amagama awo – umzala wakhe uze awabuze kanjena nje,  yingoba avele angena apeketula umbhede obulele uyisemkhulu oneminyaka engu-80 ubudala, ongaphilile asho ukumchitha nomatilasi.

Uthi kawagcinanga ngokugenda uNkz Mlobeni phambi komndeni wakhe kodwa aphinde ahamba naye ngaphandle kokwazisa umndeni ukuthi amyisaphi.

“Kudingeke ukuba siqashe imoto siyobheka esiteshini samaphoyisa eLamont ukuthi akekho yini khona njengoba la maphoyisa abemthathile esebenzela khona. Sithe uma sifika esiteshini amaphoyisa enqaba ukusibonisa ukuthi ukhona yini noma cha. Size sabuyela ekhaya singambonile.

“Kuthe ngakusasa sabuyela khona siyobhalisa isitatimende ngokwenzekile kodwa nalapho siphindele emuva singasizakalile njengoba amaphoyisa enqabile ukusibhalisa. Kwehluleke noma sesithi mawasivulele icala athi ngeke alivule ngoMgqibelo masibuye ngoMsombuluko. Kangazi ukuthi aqale nini ukungavulwa amacala ngezimpelasonto,” kusho uMnu Ncandela.

OLUNYE UDABA: Lihlalele ovalweni ikhansela okuhlaselwe  ihhovisi nomuzi walo

Uthi nakuba beze bathola ukuthi umzala wabo ugcinwe kuphi basizwe yisishoshovu esilwela amalungelo abantu esiphinde sibengumhlaziyi wezindaba ezimayelana nodlame lwezepolitiki e-University of KwaZulu-Natal, uNkk Mary De Haas.

Lo mndeni uthi uNkk De Haas ukhulume nomphathi-siteshi waseLamontiville ovumile ukuthi amaphoyisa enze iphutha ngokushaya uNkz Mlobeli nangokunqaba ukuvulela umndeni icala.

UNkk De Haas ngesikhathi ekhuluma neLANGA uvumile ukuthi ungenelele kulolu daba emuva kokuthintwa umndeni ngokuhlukunyezwa kukaNkz Mlobeni.

Uthi ucebise umndeni ngokuba uvule icala njengoba sekuvamile ukuthi amaphoyisa ahlukumeze abantu uma eyosesha emakhaya.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele, uthe owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala uboshiwe ngoLwesihlanu ngecala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho kodwa wadedelwa ngeSonto ntambama.

Uthe umsolwa uvele enkantolo ngoMsombuluko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.