Ushaywe ngesithende uJuju kokaMagaqa

2017-09-15 09:30

Durban - Ngeke anikwe ithuba lokukhuluma emngcwabeni kaMnu Sindiso Magaqa, obeyikhansela le-African National Congress uKhomanda oMkhulu we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema, ngoMgqibelo.

Lokhu kutshelwe ILANGA nguMnu Zamo Nxumalo ongusihlalo we-ANC esiFundeni iHarry Gwala uMnu Magaqa abengaphansi kwaso.

UMnu Nxumalo uthe kabanankinga nokuthi uMnu Malema ahambele umngcwabo kodwa kumele azi ukuthi ngeke akhulume kuwona.

“Wamukelekile ukuba eze ngoba sesizilwe ngomndeni ukuthi bebengabangani (uMnu Malema noMnu Magaqa) kodwa ngeke alithole ithuba lokukhuluma.

“Ulitholile ithuba lokuvakashela umndeni wakhuluma nawo njengomngani ngakho ngeke sibekhona isidingo sokuba ethule inkulumo emngcwabeni,” kusho uMnu Nxumalo.

OLUNYE UDABA: UMnyango uvakashele umndeni womfana obulewe

Uthi umngcwabo kaMnu Magaqa uzobe wenganyelwe yi-ANC ngakho-ke uma kushone umholi weqembu kuwumgomo ukuthi kukhuluma abaholi balo.

“Siyabuhlonipha ubudlelwane bukaMnu Malema noMnu Magaqa kodwa kumele akuqonde ukuthi kuzobe kuwumngcwabo womholi we-ANC ngakho izinto zizoqhutshwa ngokohlelo lwayo,” kusho uMnu Nxumalo.

Uthe nabaholi bamadlelandawonye e-ANC, okuyi-SACP neCosatu, ngeke balithole ithuba lokukhuluma.

UMnu Malema, osebenze kakhulu noMnu Magaqa kwi-ANCYL phambilini, ukubeke kwacaca ukuthi akakudingi ukumenywa ukuba aye emngcwabeni ngoba lokho ngokwesintu akwenziwa.

Uveze nokuthi uzowuhambela lo mngcwabo inqobo nje uma zizoqiniswa ezokuphepha. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.